Kusungulwe ikomidi yezemfundo ephakeme

2013-01-23 14:05

Johannesburg - Sekusungulwe ikomidi elizobhekelela ukwenziwa kwezingquzuko emanyuvesi, kusho uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uBlade Nzimande ngoLwesithathu.

"Ngiyajabula namhlanje ukumemezela ukusungulwa kwekomidi elizobhekelela izinguquko emanyuvesi omphakathi aseNingizimu Afrika,” usho kanje ekhuluma nezintatheli eGoli.

"Igama lekomidi lide kakhulu, ngakho silinqamulelile.”

Uthe ukwenziwa kwekomidi kungezinye zeziphakamiso ezenziwa kulandela uphenyo olwalumayelana nokucwasa okukhona emanyuvesi, kulandela isigameko esenzeka enyuvesi yaseFree State (UFS) ngo-2008.

Ngaleso sikhathi kwabonakala i-video ekhombisa abasebenzi base-UFS beguqiswe ngamadolo bedliswa ukudla okunomchamo, okuyisenzo esenzeka ezindlini zenyuvesi ezihlala abafundi besilisa, iReitz.

UNzimande uthe leli komidi lizobheka inqubekelaphambili mayelana nokwenziwa kwezinguquko emanyuvesi liphinde limluleke ngemigomo yokuqeda ubandlululo, ukucwasa ngobulili kanye nezinye izindlela zokucwasa.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Uchiphize waze walala u-Oscar - Umbiko

Emizuzwini eyi-11 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 14-29°C Rain late. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 11-25°C Numerous showers. High level clouds. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 15-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...