Kusuke isidumo kuvela uthishanhloko enkantolo

2012-11-12 14:03

Durban - Kusuke isidumo kuvela uthishanhloko osolwa ngokudlwengula izingane zesikole ngesikhathi kupiklelana umphakathi nezihlobo zikamsolwa eNkantolo yeMantshi yaseScottburgh.

Izindaba zeSABC zibike ukuthi uDesmond Makhanya, nonguthishanhloko eNjabulo Juniour Seconday School, eMkhomazi, ubelokhu eshintsha izikole njalo uma kutholakala ukuthi unukubeze izingane.

Kuthiwa usesebenze ezikoleni ezintathu kanti zingaphezu kweshumi izingane okusolakala ukuthi wazidlwengula.

Icala lihlehliselwe uNovember 22.

Kuthiwa lo thisha lamshonela ngesikhathi kufike amaphoyisa esikoleni ezokhuluma ngokuhlukumeza ngokocansi, nokuyilapho izingane zamkhomba njengomuntu ozinukubezayo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 18-31°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 15-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 14-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-24°C Mostly cloudy. Mild. PE: 16-18°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...