Kusolwa umqhafazo kweka-Oscar noReeva
2013-02-18 12:03
Pretoria - Amanye amahlebezi aphumile ngempelasonto kulandela ukubulawa kukaReeva Steenkamp esemzini wesoka lakhe u-Oscar
Pistorius, athi laba baxatshaniswe umqhafazo ongene efonini kaReeva.
Kubikwe ukuthi uSteenkamp uthole i-SMS evela kulowo odlalela amaSpringbok uFrancois Hougaard, kubika iDie Burger.
UHougaard
akatholakalanga ukuba aziphendulele kodwa ngaphambilini ukhiphe isitatimende ezihlangula, ethi akabandakanyeki kulolu daba.
Khonamanjalo, iThe Mirror ibike ukuthi uHougaard ubesondelene nalezi zithandani, uPistorius noSteenkamp.
Uke wathandana noSteenkamp ngaphambi kokuthi ahlangane noPistorius, baqhubeka "nokusondelana" noHougaard.
UHougaard uhoxile ekudlaleni koweVodacom Bulls ngoLwesihlanu.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24