Kusolwa umndeni ngokufa kwesalukazi

2012-11-09 12:02

Cape Town - Abantu abane baseKapa baboshiwe mayelana necala lokuhlukunyezwa ngokocansi nokubulawa kowesifazane, ekuthiwa kwenziwa ngabantu abathize ayebanike usizo.

Umufi uHester Koch, 62, waklinywa esepulazini lakhe ePhillippi, kuthiwa waklinywa ngabantu ayebahlalise emkhukhwini wakwakhe, kubika iphephandaba iCape Argus.

UJade White, 24, ongumzukulu kaKoch, uthi ugogo wakhe wabulawa ngesikhulu isihluku, phezu kwalo lonke usizo ayelunike abasolwa.

UWhite uthi ugogo wakhe wayedabukela izithandani lezi kanye nezingane zazo ezimbili, uthi wahlangana nabo emarobhothini belindele ukucela abantu imali.

UKoch wagoduka nalaba ngemuva kokuthi bemtshele ukuthi balahlekelwe yikho konke esehlakalweni somlilo.

Amaphoyisa aqinisekise ukuboshwa kwalaba bobane.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 18-30°C Tstorms late. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 14-25°C Showers late. More sun than clouds. Warm. Bloem: 14-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-23°C Showers late. Mostly cloudy. Mild. PE: 15-19°C Showers early. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...