Kusolwa 'izinyoka' ngokubulawa konogada ababili

2015-03-10 14:31

Johannesburg – Kudutshulwe kwabulawa onogada ababili abasebenzela iCity Power e-Ennerdale eGoli ngokubika kwe-Eyewitness News.  

Kubikwa ukuthi labo nogada ababili badutshulwe ngesikhathi behleli ngaphakathi emotweni ezintatha zangoLwesibili ekuseni.

Kubikwa ukuthi kulesi sigameko kwebiwe izibhamu ezimbili zalabo nogada.

Okhulumela iCity Power uSol Masolo uthe bakholelwwa ukuthi ababulali bantshontsha izintambo zikagesi.

OLUNYE UDABA: Kubulawe unogada wesikole KwaMakhutha

“Ngokubona kwethu abaqhaphi bezintambo zikagesi babulawa ngesihluku kusobala ukuthi ababulali bebefuna zona lezi zintambo.”

UMasolo uthe bashaqekile ngalokhu kuhlasela nangendlela okwenzeke ngayo.

“Isihluku ababulawe ngaso onogada bethu sikhombisa unya.

"Kukhombisa ukuthi ababulali bebenodlame futhi bediniwe ngesikhathi bebahlasela,” esho.

        - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

        - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kuvalwe isikole kubhikisha abafundi

Emizuzwini eyi-35 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Mild. Pta: 17-25°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 15-21°C Mostly cloudy. Mild. Bloem: 12-26°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 17-24°C Morning clouds. Mild. PE: 15-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...