Kusolwa isandla semfene ngokufa kwengane

2012-08-01 10:03

Johannesburg - Isidumbu sikaBusisiwe Tsotsa , 3, sitholwe sidindilizile ngaphandle eceleni kwendlu yangasese ngoMsombuluko.

Utholwe eshonile egcekeni lapho umama wakhe, 17, okhululwe ehlala khona nesoka lakhe elisha, eJouberton, ngaseKlerksdorp, eNorth West, kubika iDaily Sun.

Abomndeni basola ukuthi ibulewe le ngane.

Umalume kaBusisiwe, uSimon Bonde, uthe: “UBusisiwe ubenento enjengesibazi ekhanda, futhi kunamachaphazelo egazi bude buduze nesidumbu sakhe. Njengomndeni, sisola ukuthi udliswe ushevu noma ushaywe ngento ethile.”

Umalume uSimon uthe intombazanyana yayihlala nobaba wayo oyizalayo ngemuva kokuhlukana kwabazali bayo.

“Kodwa njengazo zonke izingane, ngicabanga ukuthi uBusisiwe wakhumbula umama wakhe okwamenza wagcina esehlala nobaba ongamzali okuyilapho kutholakale khona isidumbu sakhe. Besingekho ekhaya ngesikhathi kwenzeka lokhu.” 

Isidumbu sitholwe obedlula ngendlela, kanti ubaba lona obehlala nengane ubelele akazanga ukuthi kwenzakalani egcekeni.

Amaphoyisa aseNorth West athe bezingekho izibazi ezibonakalayo enganeni, basalinde ukuba ihlolwe ukuze kutholwe imbangela yokushona kwayo.

“Siqalise uphenyo,” usho kanje.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-22°C Morning clouds. Mild. PE: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...