Kusolwa inzondo ngokubulawa komfana
2012-06-01 15:38
Cape Town - Abantu abayisithupha ababoshwe ngamaphoyisa nezibhamu ezingekho emthethweni ekuseni ngoLwesihlanu ePrimrose,
eBoksburg, kuyasolakala ukuthi bayathinteka ekubulaweni komfana oneminyaka engu-15 ubudala, wasemijindolo eseduze.
USibusiso Titimani, ugwazwe wabulawa ngoMgqibelo ngasekhaya kubo ePrimrose, kubika iThe Star.
“Bengithi ngigeza izinyawo ngesikhathi kungena umfana ememeza ethi: ‘mama ka Sibusiso! uyashaywa
uSibusiso ngamabhunu’ ,” kusho umama womfana uThandiwe, etshela iphephandaba.
UTitimani nomngani bahlaselwe ngamadoda amathathu ekade ezimboze ubuso egqoke izingubo zamasosha.
Okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer William Masondo uthi kuboshwe abantu abayisithupha ngo-03:00 ekuseni.
Abahlanu kubona ngabesilisa abamhlophe owesithupha ngowesifazane naye omhlophe.
Imibiko ithi kukhona nabanye asebeke bahlaselwa ngabamhlophe abathi baphindiselela umholi we-AWB owabulawa u-Eugene Terre'Blanche.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- News24