Kusinda kuyehlela kwabampofu kuleli - Cosatu
2012-04-02 12:04
Johannesburg - Lizogadla kuzwele kwabadla imbuya ngothi njengoba kuzonyuka amanani kaphethiloli nogesi kule nyanga, kusho umfelandawwonye wezinyunyana zabasebenzi, iCosatu ngoMsombuluko.
"Njengokulindelekile kuzohlupheka labo vele asebehaqwe yindlala, nabavotela i-ANC minyaka yonke, kodwa futhi bazothwala leli joka," kusho okhulumela iCongress of SA Trade
Unions uPatrick Craven.
Uthe abantu kumanje bayahluleka ukukhokhela ugesi, njengoba uhlale unqanyulwa.
"Yize yenyukile imizamo yengqalasizinda kagesi, u-25% wemizi awukabi nawo ugesi."
Ugesi kulindeleke ukuthi ukhuphuke ngo-16%, kuthi uphethiloli unyuke ngo-71 cents eGauteng.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA