Kushubile embhikishweni wabasemapulazini

2013-01-10 15:01

De Doorns - Amaphoyisa avulele ngezinhlamvu zenjoloba ezama ukuhlakaza amakhulu abasebenzi basemapulazini abhikishela ukuthola amaholo angcono, osukwini lesibili lombhikisho onodlame kulendawo ejwayele ukuba nokuthula eWinelands.

Amaphoyisa nabasebenzi balwelwa ngasemgwaqeni omkhulu u-N1, nokudala isiminyaminya nokuvalwa kwamadolobha amancane kulendawo.

Ababhikishi ngaseDe Doorns bashise umlilo baphosa amatshe bebhekise ezimotweni zamaphoyisa, okuphoqe amaphoyisa abedlubhe ezawo ziphelele ukuba aphendule ngezinhlamvu zenjoloba kanye nosi olukhalisa unyembezi.

Isixuku sihlakazekile kodwa saphinde sahlangana futhi, ungaze ufunge ukuthi kudlalwa umacashelana kulendawo enkulukazi ekukhiqizeni iwayini e-Afrika.

Abasebenzi basemapulazini ngoLwesithathu baqale phansi isiteleka eWestern Cape befuna kubuyekezwe amaholo abawatholayo.

Izinkulungwane zabasebenzi ezibeke phansi amathuluzi ngemuva kwezingxoxo ezingabanga yimpumelelo kulandela ukuma kokusebenza kwangenyanga edlule okwadlula nemiphefumulo yababili.

Abasebenzi bafuna ukukhushulelwa amaholo asuke ku-R69 aye ku-R150 ngelanga.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-25°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 8-20°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 4-25°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-24°C Morning clouds. Mild. PE: 9-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...