Kushone usana unina edakiwe

2012-11-05 12:29

Johannesburg - UNonkonzo Thombe watshela omakhelwane ukuthi usekhethe ukuqalela amaholidi kaDesemba manje ngokuthi aphuze utshwala, kodwa lokho kuphenduke umshophi.
 
Ngesikhathi ebuyela emzini wakhe wayedakwe kakhulu, nakuba kunjalo waqhubeka nokuncelisa ingane yakhe enenyanga eyodwa izelwe.
 
Wayihlohla ibele emlonyeni wazumeka.
 
Kuthe uma esevuka ngoMgqibelo, ingane yayisithule.
 
Iphephandaba iDaily Sun livakashela lomama wengane oneminyaka engu-32 ubudala ongowasemijondolo yaseKosovo ngaseSamora Machel eWestern Cape egcwele ukuzisola.
 
“Bengidakiwe ngazumeka," kusho yena.
 
“Ngimncelise kwaze kweqa, waxhileka. Izindebe zakhe bezimnyama futhi igazi beliphuma ngamakhala. Ebanda qa.”
 
Umemezile efuna usizo kodwa akukho ebesekungenziwa.
 
"Ngifisa sengathi kungathiwa ngiyaphupha, ngivuke ingekho yonke le nto. Ngiyazisola ngalokhu okwenzekile."

UNonkonzo uyakuphika ukuthi uyisidakwa. Kodwa omakhelwane bathi ulala kubona.

 

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
4 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C High level clouds. Mild. Pta: 11-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-28°C High level clouds. Warm. PE: 13-21°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...