Kushone umvukuzi esemsebenzini
2012-06-25 16:24
Johannesburg - Kushone umvukuzi ngesikhathi kwenzeka ingozi ekheshini ebelibathwele ngaphakathi emayini iLonmin, eseBrits, eNorth West, kusho imayini ngoMsombuluko.
Umsebenzi ushone ngoLwesihlanu, ume nse umsebenzi ngemuva kwesehlakalo, kusho isikhulu u-Ian Farmer.
Umsebenzi uzothi ukuma endaweni yesehlakalo kuze kuba kuphothulwa uphenyo.
"Inkampani ithanda ukwedlulisa amanzi enduduzo emndenini womsebenzi oshonile, kubangani kanjalo nezihlobo," kusho uFarmer.
Okwamanje ibingakabi khona imininingwano egcwele ngengozi.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).