Kushone umshayeli weloli eThekwini
2012-11-16 07:32
Durban - Kushone indoda ngesikhathi iloli ebihamba ngayo iphaphalaza iyokhalakathela ebhulohweni elingamamitha angu-30 ukushona phansi eThekwini, kusho abezimo eziphuthumayo.
“Izinkomba endaweni yesehlakalo zitshengisa ukuthi umshayeli uhlulekile ukulawula iloli ngesikhathi ehamba emgwaqeni uM13 ngaseBlair Athol Road,” kusho okhulumela iNetcare 911 uChris Botha ngoLwesine.
Umshayeli ube esefa ujuqu.
Kuthathe abatakuli amahora amathathu ukuthi bakwazi ukukhulula isidumbu, nebesibhajwe ngaphansi kweloli, kusho uBotha.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA