Kushone umsebenzi ewa
2012-04-26 16:11
Johannesburg - Umsebenzi wasenkontilakeni eBenoni ushonile ngesikhathi ewa ngemuva emotweni eyiveni ebithwele abasebenzi, kusho abezimo eziphuthumayo.
Okhulumela abakwa-ER24 u-Andre Visser uthi kusolakala ukuthi umufi uzam ukugxumela emotweni ebihamba ngebhadi wawela emgwaqeni washona.
"Umufi uthole amanxeba amambi ekhanda kanjalo nasentanyeni. Kufika abosizo lokuqala ubengasaphefumuli," kusho uVisser.
"Bazamile ukumphaphamisa kwanhlanga zimuva nomoya, ushonele endaweni yesehlakalo."
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).