Kushone umninimuzi nabaphangi kubanjwa inkunzi

2013-01-29 16:33
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Umninimuzi kanye nezigelekeqe ezimbili, bashonile esehlakalweni sokudubula kubanjwa inkunzi eBedfordview, e-East Rand, kusho amaphoyisa aseGauteng.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa uCaptain Julia Claassen, uthi abaphangi bangene ngewindi kulo muzi ngoMsombuluko ebusuku, uthi umninimuzi, unkosikazi nezingane bebelele.

"Ngesikhathi bekhomba umninimuzi ngesibhamu, naye ukwazile ukudonsa esakhe. Kube nokudubulana kwasala phansi izidumbu ezintathu," kusho uClaassen.

Unkosikazi nezingane ababanga namyocu.

"Umndeni ukhandlekile kakhulu ngalesi sehlakalo," kusho uClaassen.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C Sunny. Mild. Pta: 10-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-17°C Sunny. Mild. Bloem: 7-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 15-22°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Cool. PE: 11-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...