Kushone umndeni engozini eVentersburg.

2012-12-10 16:53

Johannesburg - Amalungu amane omndeni owodwa, ashonile ngesikhathi kwehla ingozi yomgwaqo ku-N1, ngaseVentersburg.

Amaphoyisa akhiphe umbiko othi abantu abayisithupha abadabuka eDubai, bebesemotweni eyodwa, ahlangabezane nengozi ngezithuba zasekuseni eVentersburg, eFree State, kusho okhulumela amaphoyisa uSergeant Mamello Macheoane.

Umshayeli weBMW, oneminyaka engu-55 ubudala, unkosikazi wakhe kanye namadodana akhe amabili bebesendleleni eya eGoli ngesikhathi imoto yabo ishayisana neToyota Raider, ebithwele umndeni osuka eDubai.

Umndeni obuhamba ngeBMW, ushone wonke, umndeni waseDubai wona ungeniswe esibhedlela esiseWelkom.

Amaphoyisa aphenya icala lokubulala ngkungenhloso.



 

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Sunny. Mild. Pta: 2-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Sunny. Cool. Bloem: 0-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-23°C Sunny. Mild. PE: 8-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...