Kushone umndeni eMpumalanga

2012-12-31 12:29
Yabelani Shicilela

Rietfontein - Amalungu amathathu omndeni owodwa, ashonile ngesikhathi ewa endaweni engamamitha angu-30 ukuya phansi eRietfontein Waterfall eMpumulanga, kubika iBeeld ngoMsombuluko.

Umama nobaba, abaqala ukuthandana besakhula, kanye nendodakazi yabo okungukuphela kwayo, eneminyaka engu-13, bebeseholidini ngesikhathi bezama ukuwela umfula ngaphezulu kwe-waterfall, epulazini ngaphandle kwaseSabie, ngoLwesihlanu.

Umndeni ongowaseBenoni, ubuhamba ubambene ngesikhathi oyedwa eshelela, nokudale ukuba bonke bawe.

Umsebenzi wasepulazini uyena obone isidumbu sikamama ntambama, amaphoyisa asemanzini athole indodakazi phakathi nobusuku kwathi ubaba watholakala ngoMgqibelo.

Bonke bebelimele emakhanda.

UKaren Steyn, ongumshana kababa, uthe bashone bendawonye "ngoba ubengekho kubona obezokwazi ukuphila engekho omunye".

IBeeld ihlonze laba njengo Pieter no-Adele Prinsloo kanye nendodakazi uShante.




 
  – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-24°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-18°C Sunny. Mild. Bloem: 6-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-26°C Sunny. Mild. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...