Kushone umlisa kugasela oKlebe eGoli

2011-08-25 11:46
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Umlisa waseZimbabwe ushonile kulandela ukutheleka kophiko loKlebe endlini yakhe eGoli, oKlebe bebebheka  isigebengu esifunwa kakhulu kule lizwe.

"Lolu phiko beluncinzwe indlebe ngokuthi indoda [enguMthungameli Mpofu] ibonakele noBongni Moyo ngesonto eledlule," kusho uMcIntosh Polela.

"Baye kulendlu ezintathakusa ngoLwesithathu ukumbamba. Kuthiwa unqabile ukuboshwa wase ewaphansi ngemuva kokuhilizisana wase eshona."

UMoyo ubandakanyeka emacaleni angaphezulu kuka-30 okubamba amabhange. Weqa eNkantolo yesiFunda sasePitoli ngomhlaka-10 ku-Agasti.

UPolela uthe oKlebe bamqinisekisile ukuthi abasebenzisanga zikhali noma udlame ngesikhathi befika kwaMpofu.

Abe-Independent Complaints Directorate babiziwe endaweni yesigameko futhi bayaphenya ngalolu daba.

UMpofu ubefunwa ngamacala okubamba amabhange eZimbabwe, kusho uPolela.

OKlebe bambopha ngonyaka odlule ngecala lokukhwabanisa.

"Kusolwa ukuthi wasebenzisa umazisi okungewona owakhe ukuthola imali yendlu eyithenga eSprings. Ngesikhathi eboshwa ngonyaka odlule sathola kuyena omazisi abahlukene abangu-11," kusho uPolela.

UMpofu ebengaphandle ngebheyili ngesikhathi eshona.

UPolela uthe namanje basathungatha uMoyo owayehamba ngezinduku ngesikhathi eqa.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C High level clouds. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Sunny. Mild. Bloem: 8-25°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 17-28°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-23°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...