Kushone umfundisi emvuselelweni eKapa

2012-03-19 12:06

Cape Town - Indoda ibulawe ukungasebenzi kwezinso ngesikhathi kunenkonzo enkulu enkundleni yezemidlalo eKapa ngempelasonto, kubike iCape Times ngoMsombuluko.

USimon Williams, 56, ongumfundisi, ubephume egumbini labagula kakhulu esibhedlela ngoLwesihlanu ngaphambi kokuba aye kwi-Higher Life World Conference, okuyilapho umvangeli wodumo lakumabonakude uChris Oyakhilome obekulindeleke ukuba enze izimangaliso khona asindise nabagulayo.

Kukholakala ukuthi ukhona futhi omunye umuntu oshonele esibhedlela ngemuva kokwethamela le nkomfa.

Cishe bayisithupha abanye abantu abekade begula kakhulu abaphuthunyiswe esibhedlela besuka enkundleni yezemidlalo ngoLwesihlanu ebusuku.

Amakhulu abantu abagulayo nabakhubazekile bebenethemba lokuphulukiswa kule nkonzo.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 14-28°C Showery. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 10-21°C Passing showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 6-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-25°C Passing showers. More sun than clouds. Mild. PE: 13-15°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...