Kushone umfundi kudlalwa esikoleni

2013-01-23 08:30

Durban - Umfundi waseNewcastle High School, nobengumdlali webhola lombhoxo, ushone isidididi ngesikhathi ethola ukulimala bezilolongela ukuhlolelwa lo mdlalo.

UBongokuhle Langa, 17, nobefunda u-Grade 11, ushonele enkundleni yebhola lombhoxo ngoMsombuluko.

Uthishanhloko uManny Govender unqabile ukuphawula ngalo mshophi.

“Kumele nikhulume noMnyango wezeMfundo. Bangicele ukuba ngizibhekise kubona zonke izingcingo," esho.

Okhulumela uMnyango uMuzi Mahlambi uthe badumele kakhulu ngalesi sigameko.

“Akekho umzali olindela ukuthi ingane ingase ingabuyi uma eyiyise esikoleni.

“Sizohlale sibagqugquzela abantwana ukuba bazibandakanye nezemidlalo. Lokhu okwenzekile kube yibhadi nje," esho.

ULanga kuthiwa uwe kabi ngomqala ngesikhathi kudlalwa.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Jay Naicker uthe kuvulwe idokodo ngokufa komuntu.

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 8-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 3-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-23°C Morning clouds. Mild. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...