Kushone umfundi kudlalwa eKZN
2012-04-25 12:02
Durban - Ugcine ngokushona umfana, 13, eMgungundlovu oshayeke phansi esesikoleni ngesikhathi bedlala ibhola lombhoxo, kusho abezimo eziphuthumayo KwaZulu-Natal ngoLwesithathu.
OweNetcare 911 uChris Botha uthe lo mfana ushone ekuseni ngoLwesithathu.
Lo mfana uphuthunyiswe esibhedlela iGrey's
ngoLwesibili ngo-17:00 emuva kokushayeka phansi bedlala.
UBotha uthi akucaci ukuthi yini ebulale lo mfana ngoba eshone emi eduze kwe-scrum.
UBotha uthe akazi ukuthi lo mfana uqhamuka kwesiphi isikole, kodwa kukholakala ukuthi ubedlalela isikole ebesivakashile saseGreytown, maphakathi nesifundazwe.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA