Kushone umfundi engozini yomgwaqo
2013-02-28 14:02
Johannesburg - Umfundi oneminyaka engu-20 ubudala, ushonile ngesikhathi kugingqika imoto eyiveni abehamba ngayo, ishayelwa ongenazo izincwadi, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape.
Ngokusho kukaCaptain Jackson Manatha, umfana oneminyaka engu-17 ubudala, ubethutha abafundi abangu-26, beya emqhudelwaneni wezikole.
Imoto kubikwe ukuthi ngekababa womfana obeshayela.
"Akucacile kahle ukuthi kube yini imbangela yengozi, ayikho imoto ekuvela ukuthi iphazamisane neveni eligingqikile."
Umfundi oneminyaka engu-20 ubudala, ushonele endaweni yesehlakalo, abanye abangu-25 bathole ukulimala.
"Umshayeli uvulelwe icala lokushayela ngaphandle kwezincwadi kanye nelokubulala ngokungenhloso," kusho uManatha.
Ubaba womfana uthweswe icala lokushayelisa umuntu ongenazo izincwadi.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA