Kushone umfundi engozini eKZN
2011-10-18 11:35
Indhrannie Pillay and Ginisile Ndovela, The Witness
Pietermaritzburg - Umfana wesikole, 9, ushonile emuva kokuthi iveni abehamba ngayo itholana phezulu netekisi ngasesitobhini sebhasi kwaNgwabe eBhobhoyi ngoMsombuluko ekuseni, KwaZulu-Natal.
ULieutenant Colonel Zandra Wiid uthe imibiko eqhamuke endawnei yesehlakalo ngale ngozi ithe iveni ethutha izingane zesikole ingenwe yitekisi mahlanze.
"Kuthiwa iveni ibithatha ijika kuJesus Road ngesikhathi ingenwa yitekisi. Ingane ibe isilahleleka ngaphandle, yashona."
Kulimale abanye abagibeli abayisihlanu kule ngozi baphuthunyiswa eMurchison Hospital.
Kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso kanti akukaboshwa muntu.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- The Witness