Kushone umfundi emdlalweni wesikoleni
2012-08-15 08:37
Ginisile Ndovela noDuncan Guy, The Witness
Durban - Umndeni wasendaweni yakwaNongidi, ngaseZinqoleni, usemakhandleleni kulandela ukushona komfana ominze ngempelasonto ngesikhathi kunomncintiswano wesikole wokubhukuda.
Amaphoyisa athole isidumbu sikaWandile Ncayiyana, obenza u-grade 7 eBhosikhi Primary School, effuleni uMzimkhulwana.
Okhulumela amaphoyisa uCaptain Gerald Mfeka uthe umfana lona ubengomunye wabadukile.
Kukholakala ukuthi uhlulekile ukubhukuda ngaleyo ndlela waminza lapho okuhlangana khona umfula uThuvekezi kanye noMzimkhulwana.
Ngesikhathi iphephandaba iThe Witness lifika lapho kuhlala khona umndeni wakhe kwaNongidi, lifike kunomlindelo wokukhanyiswa kwamakhandlela.
i-The Witness ngesikhathi likhulumisana nomkhulu womfana, uthe uthishanhloko wesikole iBhosikhi Primary ubayalele ukuba bangakhulumi lutho nabezindaba.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- The Witness