Kushone umfundi e-UJ

2012-03-19 10:03
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Umfundi otholakale eshonile egumbini lakhe ngaphakathi e-University of Johannesburg kusolakala ukuthi uvelelwe yizinkinga emuva kokungahambi kahle kokuhushulwa kwesisu, kubika iphephandaba iBeeld ngoMsombuluko.

U-Ayanda Masondo, 20, nobenza unyaka wesibili weHuman Resources odabuka eNewcastle KwaZulu-Natal, utholwe encike emnyango wegumbi lakhe, ehostela iBenjemijn, ngeSonto ekuseni.

Kube sekubizwa abezimo eziphuthumayo, nabamhlongoze njengoshonile endaweni yesehlakalo.

Okhulumela amaphoyisa asesiteshini iBrixton uConstable Michael Kgatle uthe kuzophenywa ngokufa kukaMasondo.

"Okwamanje kubukeka sengathi ubulawe ukuhushula isisu ezindaweni ezingavunyelwe. Bekunegazi eliningi endaweni yesehlakalo," kusho uKgatle.

Isikhulu sase-UJ uSolwazi Marie Muller uthe uMasondo ubezama ukuzibulala.

 

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 8-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: 4-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 13-23°C Morning clouds. Mild. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...