Kushone umfana engozini eNelspruit
2012-11-08 08:03
Johannesburg - Kushone umfanyana, 4, kwathi abantu ababili balimala ngesikhathi kushayisana izimoto eNelspruit, kusho abezimo eziphuthumayo ngoLwesine.
Iveni iphaphalaze yazithela emotweni yohlobo lweVolkswagen kuDr Enos Mabuza
Road ngoLwesithathu ntambama, kusho okhulumela abe-ER24 u-Andre Visser.
Umfanyana lo ushonele endaweni yesigameko.
"Umama womfana ulimale kabi kulesi sigameko."
Owesifazane obeshayela enye imoto uthole imihuzukwana.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA