Kushone umfana embhikisweni
2012-07-03 14:06
Durban - Kushone umfana oneminyaka engu-15 ubudala ngemuva kokudubuleka ngephutha, amaphoyisa etholana phezulu ngenganono namalungu omphakathi waseFolweni abebhikishela ukwenyuka kwemali yokugibela amatekisi ngoMsombuluko, kusho iSolezwe.
Lo mfana ubeyingxenye yamakhulu omphakathi abebhikishela ukwenyuka kwemali yokugibela emgwaqeni omkhulu kule ndawo.
Udubuleke esifubeni washonela khona lapho.
Umphakathi waseFolweni uvuke umbhejazane wavala imigwaqo ngamathayi avuthayo ukhala ngokunyuka kwemali yokugibela.
Umbhikisho uqale ekuseni laze layoshona kusashiswa amathayi, besishubile isimo kule ndawo, kungahambeki nezimoto ezincane zigcine zingasakwazi ukusebenzisa lo mgwaqo obuvaliwe.
Kuthiwa kushiswe neveni, umnikazi wayo obefuna ukudlula ngenkani kulo mgwaqo, umphakathi uthe uzoqhubeka nokuvala imigwaqo kuze kube imali yokugibela iyehliswa.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24