Kushone umfana e-Uitenhage

2013-02-01 16:31

Johannesburg - Umfana oneminyaka engu-18 ubudala, udubuleke washona ngesikhathi enabangani bakhe begijima emgaqweni uMvila Street, e-Uitenhage.

Amaphoyisa ase-Eastern Cape akhiphe lo mbiko ngoLwesihlanu.

"Umfana udubuleke esifubeni ngabo-18:00, ngoLwesine, igama lakhe ngu Daluxolo Mbangi. Ushonele endaweni yesehlakalo," kusho okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Gerda Swart.

Akukho muntu oseboshiwe ngalesi sehlakalo, amaphoyisa asaphenya.
 




 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-24°C Sunny. Mild. Bloem: 4-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Morning clouds. Cool. PE: 11-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...