Kushone umfana, 16, ebholeni
2012-10-05 10:03
Durban - Umndeni waseLimpopo osashaqekile kulindeleke ufike eThekwini ukuzohlonza isidumbu sendodana yawo, 16, eshayeke phansi yashona ngesikhathi kunomcintiswano webhola, kubika iSowetan.
Kubikwa ukuthi labo abebedlala no-Andani Kutama bakhungathekile kanti bathola ukwelashwa ngokwengqondo njengoba besalindele isinqumo sokuthi bangaqhubeka yini nowamanqamu weMetropolitan Sasfa U-16 Cup, eKing Zwelithini Stadium.
Umengameli weSouth African Schools Football Association,
uMandla "Shoes" Mazibuko, uthe uKutama,weBenny Sports Academy, eLimpopo ushayeke phansi esadlale imizuzu engu-13 ngesikhathi ezakhe zibhekene neFreedom
Park, yaseNorth West.
"Ube esephuthunyiswa esibhedlela iPrince Mshiyeni nalapho ehlongozwe khona njengoshonile."
Umengameli weSafa uKirsten Nematandani uthe: "Sishaqeke kakhulu ngokushona kwakhe kanti sithi umndeni mawududuzeke."
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24