Kushone ugogo kuqubuka isiphepho

2013-01-02 15:06

Johannesburg - Kushone isalukazi kwalimala abangu-105 ngesikhathi kunesiphepho esinamandla eSasolburg eFree State, kusho isikhulu sikamasipala ngoLwesithathu.

Okhulumela umasipala, uGino Alberts, uthe akanalo ulwazi kahle ukuthi isalukazi sishone kanjani.

Izimvula ezinamandla sihlasele elokishini lase-Amelia ngezithuba zabo-21:00 ngoLwesibili.

"Ibalelwa ku-1000 imizi ekhahlamezekile, kodwa isibalo sabantu abathintekile asikacaci," esho.

Kukhona abalimale kancane nabalimale kanzima, u-Alberts uthe ithimba lezinhlekelele lisahlola isimo.

"Senza konke okusemandleni ukusiza imindeni ekhahlamezekile, sicela abantu basize ngokudla nezingubo zokulala... Bangaletha izinto eMnyangweni wezokuPhepha eSasolburg."

ISA Weather Bureau ithe iFree State kumele ilindele ezinye izimvula usuku lonke. Angu-60% amathuba emvula ntambama, kusho isangoma sezulu uKhushulwa Msimanga.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-22°C Morning clouds. Mild. PE: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...