Kushone oyedwa kuphangwa
2012-11-27 08:04
Durban - Kushone owesilisa, 27, ngesikhathi oshayasibhamu abane begasela begebenga ispaza babaleka nemali, iselula ne-airtime eNkambini, eHibberdene ngoMgqibelo.
Kuthiwa lezi zigebengu bezikulesi sitolo emini ngalolo suku, zase zibuya futhi ebusuku sezihlome ngemimese nezibhamu.
Zabe sezinxenxa imali ne-airtime ngaphambi kokudubula, kwashona umuntu oyedwa.
Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel
Zandra Wiid uthe izigebengu zibaleke ne-airtime.
Amaphoyisa aphenya ngecala lokubulala, ukuzama ukubulala nokuphanga ibhizinisi.
“Akukaboshwa muntu,” kusho uWiid.
UWiid uthe lo oshonile ubegwaziwe futhi esifubeni.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- The Witness