Kushone oyedwa kuhlaselwa epulazini
2013-01-30 10:02
Johannesburg - Kubulawe imfoloname yasepulazini kwathi umlimi walimala ngesikhathi kunesigameko sokuhlasela epulazini e-Olifantsfontein, ngaseKempton
Park, kusho umbiko ngoLwesithathu.
Amadoda amane abambe u-Edward Fouche, 30, nomlimi uGert van Wyk, 40, ngoMsombuluko, bathi abalale phansi, kubika iBeeld.
Omunye wabo ube esedubula uFouche, kusho umfowabo kaVan Wyk, uRiaan, etshela iphephandaba.
"Ube esekhomba umfowethu, nobe esezigoqisa okwengane isesiswini ezama ukuzivikela. Babe sebemdubula emhlane inhlamvu yashaya amathumbu yayophuma ngale," esho.
UCaptain Julia Claasen uthi la madoda abe esegasela ehhovisi lapho unkosikazi kaGert Van Wyk ebebala khona imali, ayishaqa yonke.
UVan Wyk ubangwa nezibi esibhedlela.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA