Kushone oyedwa engozini yeloli
2012-11-14 16:25
Johannesburg - Umuntu oyedwa ushonil ekwathi abathathi balimala ngesikhathi iloli ebelithwele usimende lliginqika likhwela phezu kwezinye izimoto ezimbili kuGarsfontein Road, ePitoli, kush oabahambisa usizo oluphuthumayo.
"Abahambisa usizo oluphuthumayo bafike endaweni yesehlakalo umuntu oyedwa evele eseshonile, ubelimele kakhulu," kusho okhulumela abakwaNetcare 911, uChris Botha.
Abanye abantu ababili bebelimele kambi kuthi owesithathu nekungumuntu wesifazane wathola imihuzuko.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).