Kushone oyedwa engozini eTshwane
2012-01-09 07:01
Johannesburg - Kushone umuntu oyedwa kwathi omunye walimala kabi ngesikhathi iveni abebehamba ngayo ishayisana nebhasi lakwaPutco kuMoloto Road, ngase Jakkalasdans ngoMsombuluko ekuseni, kusho amaphoyisa omkhandlu.
"Ithimba labeziphuthumayo eTshwane kudingeke ukuba lisebenzise izindlawu ukukhipha la bantu emotweni," kusho uConsole Tleane esitatimendeni.
Imbangela yale ngozi ayikaziwa.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA