Kushone owesilisa engozini eKapa
2012-05-04 12:33
Johannesburg - Ksuhone owesilisa ngesikhathi isithuthuthu sakhe singena mahlanze iloli ethwala izimpahla emgwaqeni onguthelawayeka uN1 ePaarden Eiland, eKapa ngoLwesihlanu ekuseni, kusho abezimo eziphuthumayo.
"Ukushayisana kwalezi zimoto kudale ukuthi lesi sithuthuthu sindize emoyeni sayolahleka komunye umzila," kusho okhulumela i-ER24
u-Andre Visser.
Kukholakala ukuthi umshayeli wesithuthuthu ube eseshayiswa enye imoto.
Ufe ujuqu, akekho omunye umuntu olimele.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA