Kushone owesilisa engozini eBloemfontein
2012-05-07 10:33
Johannesburg - Kushone owesilisa eBloemfontein ngesikhathi evelelwa yingozi kulandela ukuhluleka ukulawula iveni yakhe, kusho abezimo eziphuthumayo ngoMsombuluko.
Okhulumela i-ER24 uVanessa Jackson uthe lo wesilisa ubeshayela emhhumeni ongaseMannion Road kuleli dolobha ngeToyota Hilux
ngesikhathi eshayisa isigxobo sikagesi esisemgwaqeni.
"Le moto iqhubekile yase iyagingqika ilala amankeyane."
Umshayeli, oseminyakeni eko-30 ubudala, ufe ujuqu.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA