Kushone owesilisa emlilweni eKapa
2012-04-06 11:16
Johannesburg - Kushone owesilisa kwathi abangu-25 basala dengwane ngesikhathi umlilo uthungela imijondolo eWallacedene ngaphandle kwaseKapa, kusho ithimba lezinhlekelele ngoLwesihlanu.
Lo mlilo ucekele phansi imijondolo emihlanu nezindlu ezimbili ebusuku ngoLwesine, ishiya abantu abangu-25 bedinga, kusho uWilfred Solomons-Johannes.
Indoda eshonile kulo mlilo ayikahlonzwa.
"Ithimba lezinhlekelele lomkhandlu lizohlinzeka abathintekayo ngosizo," kusho uSolomons-Johannes.
Kuzophenywa nangembangela yalo mlilo.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA