Kushone owesifazane kudutshulwa eThekwini

2012-11-29 12:02

Durban - Owesifazane othengisa emgwaqeni udubuleke washona ngesikhathi etholwa yinhlamvu, kudubulana izigilamkhuba nonogada ePhoenix, eThekwini, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Vincent Mdunge uthe amadoda amane angene ebhizinisini ekusetshenzwa kulo ngensimbi, azama ukubamba inkunzi.

"Akucacile kahle noma izigilamkhuba bezizama ukubamba inkunzi ibhizinisi leli noma bezizama ukuphuca onogada izibhamu," kusho uMdunge.

Kube nokudubulana phakathi kwabaphangi nonogada, umuntu onetafula emgwaqeni udubuleke esiswini washona.

Abantu abathathu bagcine ngokuboshwa, akukazeki ukuthi iqhamuke ngakuphi inhlamvu edubule umdayisi.


 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-18°C Sunny. Mild. Pta: 3-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 0-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -1-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-19°C Mostly sunny. Cool. PE: 8-17°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...