Kushone owesifazane engozini eKZN
2013-02-05 14:02
Durban - Kushone owesifazane ngesikhathi iloli elikhulu elithwala izimpahla lingena imoto yakhe eceleni ngaseStanger, KwaZulu-Natal, kusho abosizo lokuqala ngoLwesibili.
Umgibeli kule moto, nobekungowesilisa, ulimale kabi kule ngozi eyenzeke ku-R102 Compensation, ngabo-21:00 ngoMsombuluko ebusuku, kusho okhulumela abakwaNetcare 911 uChris Botha.
Ubevaleleke emotweni engakwazi ukuphuma.
Owesifazane, 28, uphelele endaweni yesigameko.
Owesilisa uphuthunyiswe eStanger Provincial Hospital ngemuva kokuthola ukwelashwa endaweni yesigameko.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA