Kushone owesifazane engozini eKZN
2012-11-19 10:01
Durban - Kushone owesifazane kwathi omunye walimala kanzima ngesikhathi beshayishwa yimoto encane ngasemgwaqweni ongenela eSezela, eningizimu yeScottburgh, KwaZulu-Natal, kusho abosizo lokuqala ngoMsombuluko.
Oyedwa kulaba besifazane utholakale elimele kabi ngesikhathi ehlolwa abosizo lokuqala, kusho okhulumela abe-ER 24, uDerrick Banks.
"Ushonele khona lapho," esho.
Omunye yena ulashelwe ukulimala ekhandana nasesifubeni. Kanti ngaphambi kokuba aphuthunyiswe esibhedlela baqale bamhlenga khona endaweni yenhlekelele.
Umshayeli nomgibeli abebesemotweni baphume bengenamiyocu.
Imbangela yengozi ayikaziwa.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA