Kushone osekhulile ewelwa wudonga

2013-01-21 16:29
Yabelani Shicilela

Durban - Umuntu osekhulile ushonile ngesikhathi udonga luwela phezu kwakhe eMgungundlovu, kusho abahambisa usizo oluphuthumayo.

Umbiko wezindaba zeNewswatch uthi umufi ubehamba ngezinyawo kuBombay Road, eNorthdale, ngesikhathi kwenzeka ingozi ngezithuba zawo-11:30.

Abahambisi bosizo oluphuthumayo bathi bafike endaweni yesehlakalo bathola owesilisa oseminyakeni eko-60 ubudala, ebhajwe ngaphansi kwezitini.

Okhulumela abakwa-ER24 uDerrick Banks, uthi akucacile kahle ukuthi udonga luwiswe yini.

"Ngemuva kokuthi sekususwe izitini phezu kwakhe, kutholakale ukuthi usedlulile emhlabeni. Ubulawe amanxeba awatholile.

Izikhulu kuthiwa zizophenya ngalolu daba.
 




 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-20°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Pta: 8-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 9-18°C Sunny. Mild. Bloem: 4-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-27°C Sunny. Warm. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...