Kushone omunye kwawakwaKito

2013-01-16 12:04

Durban - Iphoyisa elabe lisebenza nethimba lamaphoyisa asatshwayo aseCato Manor, nebelingumsolwa emacaleni ahlanganisa awokubulala, limelwe yinhliziyo lashona, kubika iThe Mercury.

Umbiko wangoLwesithathu uthi iphoyisa lishone sekusele izinsuku ezine lihlanganise iminyaka yokuzalwa engu-41.

UCaptain Vincent Auerbach, obebekwe eNkantolo yeMantshi yaseWentworth, ushone eqeda ukufonela umngani wakhe uBruce McInnes, emazisa ngezinhlungu anazo esifubeni.

UMcInnes utheleke emzini ka-Auerbach, oseBluff, evele engasaphefumuli, abosizo lokuqala nabo behlulekile umkuvusa.

Umufi ungumsolwa wesibili ukuthi ashone kulaba bakwaKito, ababhekene namacala.

UCaptain Neville Eva, 45, naye obenesifo esihlobene nenhliziyo, washona ngenyanga kaNovemba.

U-Auerbach, uMcInnes, kanye neNhloko yophiko loKlebe KwaZulu-Natal uMajor-General Johan Booysen kanye nabanye ozakwabo, babhekene namacala alinganiselwa ku-100 ahlanganisa nawokubulala.

Amaphoyisa akwaKito, aze azitholela igama elithi “bangomashayabhuqe”, ngenxa yesihluku sokufa kwabasolwa abafela ezandleni zala maphoyisa.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).




- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Badedelwe ngebheyili abafundi

Emizuzwini eyi-7 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C a few showers. Morning clouds. Mild. Pta: 18-24°C Light rain. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-20°C Scattered showers. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 16-25°C Numerous showers. Partly sunny. Mild.
Dbn: 19-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...