Kushone izingane odokotela beselivini

2013-01-08 11:05

Mokopane - UKagiso Kobe onezinyanga eziyisikhombisa ubudala, ubehuda ephalaza isikhathi esingangesonto enganakiwe elele esibhedlela saseLimpopo iGeorge Masebe Hospital, ngaphandle kwaseMokopane.

Lokhu kube ngenxa yokuthi bebengekho odokotela abazomelapha ,njengoba iningi labo lisathathe amaholidi kaKhisimusi.

Ebona ukuthi akatholi kunakekelwa, umama wakhe uConnie Kobe, wacela ukuba akhishwe esibhedlela, ngoba enethemba lokuthi uzomyisa kudokotela ozimele.

Isibhedlela sanqaba, ngosuku olulandelayo, ngoLwesine, uKagiso washona.

Lo mfanyana omncane ungenye yezingane ezine ezishone ngeledlule kulesi sibhedlela saseMokopane, esikhungethwe yizinkinga.

Sekuvele ukuthi odokotela abayisikhombisa bathatha umhlabakhefu, munye kuphela udokotela obesebenza kulesi sibhedlela esinemibhede engu-288.

UMnyango wezeMpilo eLimpopo uthe uyaphenya ngokuthi kungani kuvunyelwe odokotela abaningi kangaka ukuthatha amaholidi kanye kanye.



 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 1-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-22°C Morning clouds. Mild. PE: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...