Kushone izaguga emlilweni
2012-09-03 10:03
Johannesburg - Abashadikazi asebekhulile bashe bangqongqa eNaboomspruit endaweni yezivakashi ebizwa ngeSondela ngaseBela-Bela, kubika iphephandaba iBeeld.
Kuthiwa umlilo uqubuke ngoMgqibelo ngaphandle kwale ndawo ehlala izivakashi, nokho wahamba ngesivinini wangena nangaphakathi, kuthiwa nabanye behlulekile ukuhlenga impahla yabo.
Abasebenzi baseSondela bakwaze ukuhlenga izivakashi ezingu-500 nokho kwaba nzima ukufinyelela ku-Ig van Rooyen, 76, nomkakhe uNita, 75, kusho iphephandaba.
Ngokusho kuka-Ian Jansen van Rensburg, oyimenenja yaseSondela, abashonile bebehlala nomfowabo kaNita, naye ozitshele ukuthi bamlandelile ngesikhathi ebaleka ephumela ngaphandle.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA