Kushone isigebengu nephoyisa eFree State

2013-01-09 09:01

Bloemfontein - Iphoyisa lidutshulwe labulawa esehlakalweni sokubamba inkunzi esenzeke eKopanong, eBloemfontein, kusho amaphoyisa aseFree State.

Ngokusho kukaCaptain Harry Nagel, uthi iphoyisa elineminyaka engu-41 ubudala, lidubuleke ekhanda.

Abaphangi abane babambe inkunzi isuphamakethe ngezithuba zawo-14:00. Kutheleke amaphoyisa ngesikhathi abaphangi bezama ukubaleka. Kube nokudubulana phakathi kwabo namaphoyisa, kwadubuleka iphoyisa elishonele endaweni yesehlakalo.

Abaphangi bakwaze ukubaleka nemali, i-laptop kanye nesibhamu sephoyisa.

Endaweni engamakhilomitha amabili ukusuka endaweni yesehlakalo, abaphangi bazithele phezu kwamanye amaphoyisa abehamba nenja. Kuqhubeke kwaba nokudubulana, kwadubuleka onyaweni iphoyisa lesifazane, elinye lesilisa ladubuleka esandleni.

Kudubuleke nesigilamkhuba esisodwa sashona, kwaboshwa oyedwa.

Kusaphenywa ngalesi sehlakalo.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Badedelwe ngebheyili abafundi

Emizuzwini eyi-8 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C a few showers. Morning clouds. Mild. Pta: 18-24°C Light rain. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-20°C Scattered showers. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 16-25°C Numerous showers. Partly sunny. Mild.
Dbn: 19-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...