Kushone isalukazi siyovuselela impesheni

2013-01-23 14:05

Johannesburg - Kushone owesifazane oneminyaka engu-90 ubudala elinde ukubhalisela impesheni yokuguga eChosen Village, eNorth West, kusho umnyango wezokuthuthukiswa komphakathi ngoLwesithathu.

Lesi saguga besibambe ulayini ngaphandle kwamahhovisi akwa-SA Security Agency (Sassa) ngesikhathi omunye umsebenzi wakhona ebona ukuthi kukhona okungahambi kahle wabe esazisa indodana yakhe lo gogo, kusho isikhulumi uLumka Oliphant.

Umbhekile wabona ukuthi akaphefumuli.

Amaphoyisa nabosizo lokuqala babizelwe kule ndawo, kwatholakala ukuthi useshonile.

ISassa ngo-Ephreli ngonyaka odlule yaqalisa uhlelo lokubhalisa kabusha labo abahola impesheni, ngemizamo yokukhuculula inkohlakalo.

U-Oliphant uthe izaguga akudingeki ukuba ziye emahhovisi akwa-Sassa ukuze ziyobhalisa.

"Inhlalonhle yezaguga isaseqhulwini ezintweni esikhathazeka ngazo,” usho kanje.

"Yingakho sathatha isinqumo sokuba izaguga sizibhalisele kabusha emakhaya azo. Izaguga nemindeni yazo engakabhalisi kabusha, bazoqhubeka bayithole imali yabo yempeshini yokuguga.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 20-33°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...