Kushone iphoyisa nomsolwa eKZN

2012-05-08 07:49

Durban - Kushone iphoyisa nesigebengu ebesifunwa uthuli ngesikhathi kuqubuka impi yezulu lezandla eNhlanhleni, ngaseMnambithi, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.

NgeSonto, amaphoyisa amabili abona lo wesilisa, 32, obefunwa mayelana necala lokushaya, kusho uLieutenant Colonel Vincent Mdunge.

“Bathe bemisa imoto yabo, umsolwa wavulela ngenhlamvu, edubula la maphoyisa."

Elinye iphoyisa eladubuleka engalweni labe selidubula umsolwa entanyeni.

“Bobathathu baphuthunyiswa esibhedlela iChurch of Scotland, nalapho iphoyisa eladubuleka emzimbeni nesigebengu baphelela khona."

Iphoyisa elalimala engalweni lisesimweni esigculisayo esibhedlela.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-20°C a few showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 21-34°C More sun than clouds. Extremely hot.
Jhb: 19-29°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-34°C High level clouds. Extremely hot.
Dbn: 21-34°C a mixture of sun and clouds. Hot. PE: 18-25°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...