Kushone iphoyisa lizilolonga eKZN

2013-01-11 14:28

Durban - Amaphoyisa aKwaZulu-Natal aphenya ngembangela yokufa kwephoyisa eliyisitshudeni, elishone ngesikhathi lizilolonga eGreyville Race Course eThekwini.

Umlisa oneminyaka engu-28 ubudala ushone ngesikhathi ezilolonga ngoLwesibili, amaphoyisa athi uphuthunyiswe esibhedlela, kodwa washona ngoLwesithathu.

Okhulumela amaphoyisa uThulani Zwane uthi lesi sitshudeni besisebenzela esiteshini samaphoyisa esiseBayview, eChatsworth.

UZwane uthi sekuqaliswe uphenyo, ngakho amaphoyisa ngeke akwazi ukuphawula kuze kube kutholakala ukuthi umufi ubulawe yini.

Ngesikhathi kubuzwa uZwane ukuthi kungenzeka yini ukuthi lona ubulawe yilanga ebelishisa kakhulu ngoLwesibili, ugcizelele kwabeNewswatch ukuthi ngeke aqagele njengoba uphenyo lusaqhubeka.

Ozakwabo bephoyisa bazwakalise ukwethuka nokudumala ngokushona kwalo.

Ukushona kwephoyisa kwenzeke ngesonto lapho bekukhunjulwa khona abantu abangu-8 abashona ngesikhathi kuhlolwa ababezoqashwa njengamaphoyisa omgwaqo, abashona eMgungundlovu.



 

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

I-EFF ivikele isenzo sayo

2014-08-22 08:32
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C Showers early. More sun than clouds. Cool. Pta: 8-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-13°C Sunny. Cool.
Dbn: 11-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...