Kushone iphoyisa ebelisesha imoto katsotsi

2013-01-10 13:03

Johannesburg - Umshayeli wemoto obeseshwa ngamaphoyisa wazama ukubalekela imoto yakhe inephoyisa phakathi, udale ingozi washona kanye nephoyisa, kusho umbiko ngoLwesine.

Lesi sehlakalo senzeke eRosebank, ngoLwesine ekuseni, kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Lungelo Dlamini.

UDlamini uthi amaphoyisa amabili amise imoto eyi-Audi R8, efuna ukuyisesha, amaphoyisa athole ukuthi kunensangu emotweni.

Umshayeli ube esenyusa isivinini semoto ebaleka nephoyisa liphakathi, ube esehluleka ukulawula imoto yakhe wayiphonsa esihlahleni bashona bobabili, nephoyisa.

"Bobabili bashonele endaweni yesehlakalo."

UDlamini uthi igama lephoyisa elishonile lizodedelwa uma sekwaziswe umndeni.



 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C High level clouds. Mild. Pta: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Sunny. Mild. Bloem: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 12-26°C Morning clouds. Mild. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...