Kushone ingqalabutho kwezekhilikithi

2013-01-23 16:33

Johannesburg - Kudlule emhlabeni loyo owabe engukaputeni weqembu lesizwe lekhilikithi uPeter van der Merwe, oshonele ePort Elizabeth ngoLwesithathu.

Umbiko ukhishwe ngabakwaCricket SA (CSA).

UVan der Merwe, 75, waba ngukaputeni weqembu lesizwe izikhathi eziningi ngeminyaka yawo-1960.

Ngesikhathi sakhe, walekelela iNingizimu Afrika ngesikhathi ishaya iNgilandi ngo-1965, waphinda waba neqhaza ekunqotshweni kwe-Australia ngo-1966/67.

"UPeter uneqhaza elikhulu  abe nalo emdlalweni wekhilikithi kuleli," kusho isikhulu se-CSA esibambile uJacques Faul.

"Waba nendima enkulu ekuguquleni umqondo wabadlali bakuleli, ababedlala isitayela esisodwa sekhilikithi. Ubethandwa futhi ehlonishwa ngabadlali.”

"Egameni lenhlangano yekhilikithi kanjalo nabantu baseNingizimu Afrika, sithanda ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini nakubangani.”




 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


 

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C Morning clouds. Cool. Pta: 5-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild.
Jhb: 3-15°C Afternoon clouds. Cool. Bloem: -1-12°C More sun than clouds. Cool.
Dbn: 10-13°C Numerous showers. Mostly cloudy. Quite cool. PE: 8-14°C a few showers. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...