Kushone ingane kubangwa u-R20

2012-07-12 12:02
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Ukhala ezimathonsi uJames Sithole wasenhla neGoli oshonelwe yindodakazi yakhe ngesikhathi ehlaselwa ngumakhelwane ekade emkweleta u-R20.

Iphephandaba iDaily Sun lithe uNyaradzo Sithole, 2, wathelwa yiphalishi ngesikhathi umakhelwane elwa nobaba wakhe efuna akhokhe u-R20, abe emnike wona.

USithole, 26, ohlala emikhukhwini yaseKya Sands Pipeline, uthe imali kwabe kuzothengwa ngayo ithuluzi elisetshenziswa uma kwakhiwa, uthe ngenxa yokungawatholi amatoho ugcine ehluleka ukukhokha imali.

“Sasihleli sothe umlilo intombi yami ipheka iphalishi, kwangena umakhelwane wangishaya wangiliswa iphalishi lachitheka lathela ingane."

UNyaradzo wangeniswa esibhedlela iChris Hani Baragwanath, wagcina ngokushona.

ULieutenant-Colonel Katlego Mogale uthe umsolwa uyaziwa kodwa usekubhaceni.

“Siphenya icala lokubulala.”


 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-25°C High level clouds. Mild. Pta: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Early fog followed by sunny skies. Mild. PE: 15-23°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...